Ingqwele Yosiba MLU GAZU
Sanbona bangani baka Mlungisi Gazu ngidlulisa ukubonga okukhulu ngokuhlala ningeseka ezintweni enginibhalela zona niqhubeke ningayeki
26/06/2026
IZWI LOMFELOKAZI
S3
Ikhasi 15
Wayishaya yazula imoto uMdunge ephikelele khona edolobheni, uMaXulu usewakhiphe onke amehlo ufuna ukubona kahle ngoba akakakholwa neze ukuthi ngabe esakhe lesi s'tolo okukhulunywa ngaso, bathi beqhamuka nje bazithela kuso isitolo sika MaXulu sisha ubuhanguhangu, yathi ima imoto wayesephansi uMaXulu, waguqa phansi ngamadolo wadazuluka wakhala kakhulu, uMdunge wayegijima edishazela ebheke kuso isitolo sekumnyama intuthu bhuqe, wafika kuso wasizungeza ngejubane uyamemeza "heeeelp heeeelp, sizani booo" kumemeza uMdunge n**i izinsizwa ziza ngejubane ziqhwebana zibona uMdunge angithi uyaziwa lapha kwaNongoma njengoba engumuntu womthetho.
Wezwa izwi likhuluma uMaXulu " isala kutshelwa sibona ngomopho haaaa haaaa haaaaa hawu kanti nakuwe kuyazwela" wathi uma evusa amehlo wabona isalukazi sisuka ngakuso isitolo sifulathela kuphephezela izingubo ezinyama bhuqe zikhafula intuthu kanye nomlilo, waphinde wagomondela phansi wakhala kakhulu, Sasha sangqongqa isitolo sekuthe mbo abantu, abanye bazama ukukhipha okukhiphekayo.
(eMpumalanga)
Kuse Mpumalanga , uVusi kanye nesinqanda mathe sakhe bazihlalele phansi kwezihlahla balalele umculo wezinyoni, balele ngemhlane bobabili babuka phezulu ezihlahleni baxoxa ngekusasa labo, nakuba kuhleziwe lapha kuncebelekwa kepha umqondo ka Vusi usalokhu ucabanga lento emehlele eThekwini, uyazama ukuyedlulisa kodwa akuvumi, wayefisa ukuziphindisela kumkakhe ngakho konke asemenze khona, wayefisa nokuziphindisela kwabakubo.
Kukhale umakhalekhukhwini kaNozipho, agxume awubambe "massage" kusho uNozipho... "Ay'bo Vusi"
"Yini? Kubuza uVusi evuka ehlala ngezinqa.
" buka.. buka ingenile imali yakho" kumemeza uNozipho, wavuka ngejubane uVusi wagiya waqephuza ebheke ezansi, wathi uma ebuya lapho wahlangana no Nozipho phezulu babambana baze bayowa phansi ngenxa yenjabulo.
Bahlala phansi babukana emehlweni sengathi bayaphupha "imali engaka kodwa Vusi! kubabaza uNozipho ebuka uVusi emehlweni baphinde babambane bahleke kakhulu.
Wake wathulula uVusi wabuka uNozipho emehlweni, zazehlela izinyembezi zenjabulo " ngyabonga sthandwa sami, ngyabonga kakhulu, ngibonga ngakho konke osungenzele khona kuze kube kufika lapha, ngaphandle kwakho angilutho" kusho uVusi
" Konke engikwenzayo Vusi ngikwenza ngothando" kusho uNozipho esula izinyembezi kuVusi.
Wake wathula uVusi wabheka phezulu zehla ngapha nangapha izinyembezi "Sekuyiso iskhathi madoda, abaaashweeee" kusho uVusi
Nozipho "kuzomele silungise sthandwa sami s**e sishawe umoya sithole noma amawayini nje ambalwa sibungaze injabulo yakho, phela lolusuku luwumlando kuwe Vusi " kusho uNozipho ngenjabula
Vusi "Cha cha cha sthandwa sami ngidinga indawo yokwakha umuzi othi mina, okunye nokunye sobuye sikubone sisenaso isikhathi esanele sokungcebeleka" kusho uVusi
Nozipho (ngokuphoxeka) "yaaaah khona umqondo omuhle nalowo sthandwa sami, ngizokhuluma noBaba ke asis**ele indawo kulezi ezakhe ukuze sakhe isithabathaba, ungesabi nami ngikhona ngizokusiza " kusho uNozipho
"Ungamhluphi uBasi, ngizokhuluma nenduna yangakithi ingis**ele indawo, ngifuna ukwakha khona ngasemakhaya ukuze babone ukuthi uMdali namathongo akithi bangibeke kuphi ngempilo, umndeni wami ubukise kakhulu ngami behlangene nale mbongolo yomfazi engayilobola " kusho uVusi ehlina ubala
Nozipho : (edonsa umoya kakhulu) " kodwa_ke kuzomele sibe nawo omunye umuzi esilungwini Vusi asikwazi ukuyophila impilo yethu emakhaya, cabangela izingane zethu esisazoba nazo" kusho uNozipho
Vusi : "Noma singayakha ibe likhulu imizi kodwa lona ngifuna ube ngowokuqala emzini yethu, futhi uyohlezi uyisikhumbuzo sokuthi impilo ayinjengoba abantu beyicabanga" kusho uVusi
(kwa Nongoma)
Ndlovu (wethukile uzama ukuvuka phansi) "Hawu Zwide, hawu hawu kanti abantu banjani ngampela? yazi ngithi mina..." uNdlovu evuka phansi ethi uyazithintitha kuthi qatha isibhamu phansi asibuthe ngokushesha uzihlekisa ubala asithi shu ngaphansi kojazi sinamanembe egazi.
"ufunani lapha wena Ndlovu? kubuza uZwide eqhugeza kancane esondela kuNdlovu
Ndlovu " Kodwa Zwide ndoda yamadoda, ngizwe bethi mina. .. "uNdlovu ezama ukuchaza amhlale emadevini uZwide
" ngithe ufunani lapha kwami Ndlovu? Ngathini kuwe? kubuza uZwide, baphazanyiswe ukungena kwemoto yamaphoyisa ngesango isidla amagalane, yona kanye lena ebihambe noZwide, onke amehlo ajikele kuyo, ithi ima nje kwehle iPhoyisa lijikele ngemuva lifike livule isicabha, ligxavune lensizwa engaphakathi liyidonsele phansi, yabe isifaswe ngozankosi ezandleni, yayibukeka ididekile lensizwa futhi kubonakala nje ukuthi ayazi lutho, layihlohloloza iPhoyisa lensizwa libheke nayo kuZwide.
"nangu umbulali siyamthola, yonke iminwe ikhomba kuye, kuyavela ukuthi izolo uke waba nenxabano noMufi, futhi kudala emsongela ngokumbulala uma bephuzile" kusho iPhoyisa likhuluma noZwide,
"angazi lutho mina Baba" kuzikhalela lensizwa
"thula wena" kubhoka iPhoyisa
uNdlovu wathola intuba yokuphunyula, wanyobozela waze wayophuma ngesango enganakwe muntu, wayesho ngenhliziyo ukuthi ngasinda emlonyeni weNgwenya bengizoba yini kuZwide.
Zwide: (ecothoza kancane eza kuleNsizwa) "uwena ombulele? kubuza uZwide egqolozele lensizwa.
Inikine ikhanda lensizwa yethukile " ch... Chaaaa, angazi lutho mina " kulandula lensizwa
Phoyisa: " asambe ndoda uyochaza phambili " kusho iPhoyisa liphinde limhlohloloza limbhekise evenini ngemuva lomlisa, wonke umuntu usamangele ukuthi lensizwa ngoba yaziwa njengomuntu ozilungele, nolusizo emphakathini, ikakhulukazi kulabo abasuke befuna ukukhandelwa izibaya baye bacele yona, futhi akekho nowake wayibona iphethe imkhono wekati.
Wayibuka uZwide lensizwa beyiphushela ngemuva evenini maqede bavale thaqa, yakhala yampongoloza ngemuva lendoda izama nokuchaza ukuthi ayazi lutho yona, akekho owayesazoyizwa ukuthi ithini, yayisuka njalo iveni yamaphoyisa wayibuka uZwide yaze yayophuma ngesango.
Zondi "ewu Zwide elwehlanga lungehliyo Ndoda yamadoda" kusho uZondi omunye wamadoda endawo, ethuke ngoba ubengaboni ukuthi kukhona umuntu osemvakwakhe,
Zwide "ewu Nondaba ngigqemeke engeqiwa ntwala, lingilahlile, kepha konke sikubeka kumdali uyena owaziyo" kusho uZwide
Zondi "kunjalo Ndoda yamadoda, baye bethi abefundisi uma befunda lembhalo yabo, konke kunesikhathi sakho, baye bazibale zonke Izikhathi baze babale naso lesi esikuso namuhla, sengathi umoya womfana ungalala ngokuthula, yeka ukulunga kwayo lensizwa , kuzodlula Mkhatshwa sinawe " kuqhuba uZondi
Zwide: "sengidabukela leya ngane egunquza ngemuva kuleya veni, uyay'bona ukuthi ayazi lutho" kusho uZwide ebuka iveni iyosithela phezulu ishiya izintuli ngemuva.
Zondi: (ngokumangala) "ungasho kanjani Zwide umuntu ebulele indodana yakho uthi uyam'zwela? kubuza uZondi ngokudideka
Zwide: " hambohlala phansi Nondaba ngenke ngikusole awazi lutho nawe" kusho uZwide eqhugeza eya endlini yangenhla lapho kugcwele khona abantu abazomkhalisa yena noMkakhe.
Zondi: "Awu angikwazike lokhu! kusho uZondi eshaya ihlombe elincane esuka naye eya phansi kwesihlahla.
(ngakusasa)
UMaXulu akaze abuthi quthu ubuthongo ngemuva kokusha kwesitolo sakhe, ukusa kwaziwa nguye, wavuka kusempondo zankomo wadumela imoto yakhe, wayishaya yazula.
uMdunge wathi uma ephaphama kwase kukhala ibhungezi endlini, wadumela ucingo lwasendlini wazama ukushayela uMaXulu, lwalukhala lodwa lungabanjwa, wayelubuka nje uMaXulu izinyembezi zigcwele amehlo uyashayela ulibangise kwinyanga yakhe uyakhumbula ukuthi yabe imdonse ngendlebe mhlazane eyovala izwi lomfelokazi, yathi akabobuya azovuselela, wakushaya indiva lokho ngoba ubengazitsheli ukuthi isengabuya lento 'waze wangiyala Gudaza muntu weNkosi maqede wafa wangishiya kanje kulolutaku' kwabe kucabanga uMaXulu eguduza ezinkalweni nansi nenhlamvu yelanga isize imphumela endleleni ulibangise kuye uPhakathwayo.
Wathi uma eqhamuka phesheya uMaXulu ephosa amehlo ezansi emzini weNyanga wakhangwa isiphithiphithi sabantu esihamba nentuthu eshunqa ebaleni, lumuthi heqe uvalo 'kambe kungangiphinda yini okwangehlela kwaMhlabuyalanga? kuzibuza uMaXulu abuye azikhuze "ay' hleze kukhishwa amathwasa phela lomuntu uyiNyanga eyaziwayo, ukube akasekho emhlabeni ngabe sesizwile" kusho uMaXulu esondela, wathi uma efika ngaphandle komuzi wamisa imoto, wehla wathatha iduku lakhe walithi mbo ekhanda washaya kancane eza ngasesangweni, ahlangane neThwasa liza lishesha alivimbe "uxolo sisi" kusho uMaXulu, likhothame ithwasa lilalele
MaXulu "angazi noma ngifike ngesikhathi esikahle yini? ngifuna ukubona uBaba uGumede kuyaphuthuma" kusho uMaXulu ebheke phansi
"kwakubi ukuzwa lokho, lomuntu omfunayo sekuphele izinyanga ezintathu samfihla, njengoba ubona kuphithizela nje kugezwa izikhwama zakhe" kusho leli thwasa
"Awu kodwa ungangilinga yini Msakade sezulu" kusho uMaXulu
"phephisa sisi nkos'yami, ngiyazi ubelusizo kangakanani umkhulu ebantwini, sebebaningi befika bezomfuna kodwa bethole ukuthi akasekho" kusho ithwasa lizama ukududuza uMaXulu
Livele lidume kakhulu ikhanda kuMaXulu "akekho nomunye nje umuntu omaziyo ongaba usizo njengo Baba uGumede? kubuza uMaXulu
Ithwasa " nakuba bekhona abantu sisi wami, kodwa ukusebenza ngenke kufane, ukube nginguwe mina bengizohamba ngiyofuna ugobela oyedwa kulaba ababephekwe nguye uMkhulu uGumede, ngineqiniso lokuthi bona basazi kancono isandla sakhe" kusho iThwasa
"Ake ungiyalele oyedwa wabo ngiphuthume khona manje" kusho uMaXulu ehlahla amehlo usejahe ukuzwa
"ukhona ongapha eMandeni, bathi uBaba uManyasa, ngiye ngizwe bemtusa kakhulu yena ngoba naye ubengapheli lapha esigodlweni sika Mkhulu, ngiyazi kukude kodwa uzoluthola usizo sisi" kusho iThwasa
Akabange esabuza nesigodi leso akaya kuso uMaXulu wavele wabonga wasukisa okwenhlamvu ebheke emotweni yakhe, wangena esehefuzela wayidumisa yayihlehla njalo ijika ifulathela, lambuka waze wayosithela iThwasa lasho kancane lathi "ohhh hheeee ziqalile ziyabahlupha izithwalo zabo" lalisho libuka izintuli ithwasa zishunqa phesheya ziyosithela, idla amagalane lapha emgwaqeni imoto kaMaXulu usefisa nokundiza, luphinde lukhale ucingo kusashaya yena uMdunge useshaya ngenamba yasehhovisi lakhe, aluzibe futhi uMaXulu uze anxaphe yedwa, lubelesele ucingo akapheli mandla uMdunge, aze agcine alubambe uMaXulu "Ya" kusho uMaXulu
Mdunge : "hhey kanti ukuphi nakhu ngithola ucingo kuthiwa umuzi yakho uyasha, kanti kwenzakalani sthandwa sami ? kubuza uMdunge ehefuzela.
" ini? kubuza uMaXulu ngokwethuka, wathi uma ethi uvusa amehlo yabe isidla isikhotha imoto wababaza kwaba kanye "Hawe Mah" yabe isiphezu kwaso isihlahla, yasishaya yaze yaphakama ngemuva kwavuleka zonke izicabha, waphumisa okweselesele uMaXulu waze wayowa njengalaphaya wathula du.
Mdunge: "MaXulu, MaXulu, MaaaaXuuuuulu" kumemeza uMdunge ocingweni uyawuzwa lomsindo njengoba wenzeka maqede kuthi nya, walugaklaza phansi ucingo ngokushesha, wadumela isibhamu sakhe nokhiye wemoto yomsebenzi waqonda emnyango esedishazela "kanti kwenzakalani? Kuzibuza uMdunge
" uxolo Mr Mdunge ngabe konke kuhamba kahle? kubuza uNobhala
"Ngiyabuya Ntomb'zodwa, utshele abangifunayo ukuthi angikho" kusho uMdunge egxadazela.
UMaXulu waphaphama ngoba esevuswa ngezinye izinsizwa ezazedlula ngendlela, uzizwela kude sengathi ziyamemeza zithi " Maaaaama imooooto iyaaaaaasha" uyamuzwa lomuntu ememeza sakudonseka , kuvele kuthi qwebu emehlweni kuMaXulu athi gubhu ahlale ngezinqa, sekugcwele abantu, sekumi nezimoto, avuke azibuke unomhuzuko lapha engalweni wopha igazi, azesule, imoto yakhe yabe isiqalile ukusha, asukume azithintithe usemahlikihliki ugcwele nezintuli ekhanda.
"Ndodakazi kubukeka sengathi ulimele ngena lapha emotweni yami ngikuphuthumise es'bhedlela" kusho lelikhehla eselimpunga ngisho ezindlebeni. Aqalaze kabili uMaXulu aqhugeze aqonde emotweni yekhehla, angene alale esihlalweni esingemuva, lingene ikhehla lidumise imoto "ungesabi Ndodakazi awulimele kakhulu, uzolulama ngokushesha, asibonge umphefumulo singabe sisayikhalela inqola, isayobuye ithengeke" kusho ikhehla lisusa imoto, laba ukuqhela nje endaweni yesigameko wavuka wahlala ngezinqa uMaXulu wabuka emuva, bahamba baze basithela elokhu eqalaza emuva, kuthe uma esebona ukuthi sebeqhele ngokwanele wakhala ngomchamo washo ukuzimoshela khona la, layibamba imoto ikhehla latatazela lavula isicabha lehla lavulela uMaXulu ukuba aphume, wehla kancane uMaXulu ubambelele kulo ikhehla alinake lutho nalo, lethuka ngoba eseliphusha uMaXulu ikhehla leNkosi laye lathi fulukuhlu phansi lalala amankeyane, waqonda emotweni ngejubane uMaXulu eyayivele iduma waphoseka phakathi wavala izicabha yayisuka ijika ibuyela lapho iqhamuka ngakhona, wathi uma eqhamuka ephosa amehlo kuleya ngozi yakhe, wakhangwa isiphithiphithi sabantu sekukhona nabomthetho ubona ngamalambu aluhlaza ephayiza, waqina isibindi uMaXulu waqonda ngqo khona, wedlula esebheke phansi ngemoto yekhehla, akafuni ukubonakala , uyay'bona lensizwa emvusile ixoxa nephoyisa libhala konke phansi, Wayishaya yazula imoto yekhehla uMaXulu wayengasenandaba nokunye usekhalela ukufika nje kuManyasa.
(Iyaqhubeka)
Anobuye nikhuzane phela ๐๐ abantu sebeyazithuma uphuthu, abasathunywa๐ค๐ค uphuthu phela lolu ๐
11/06/2026
Owakuliphi izwe lomuntu osenyanya kangaka singu Mzansi ๐ญ๐ญ akasifiseli lutho oluhle lomuntu ๐ฉ๐ฉ Mhlaka 30 angasali naye๐ก๐ก
Izwi
Mdunge : "hhey kanti ukuphi nakhu ngithola ucingo kuthiwa umuzi yakho uyasha, kanti kwenzakalani sthandwa sami ? kubuza uMdunge ehefuzela.
" ini? kubuza uMaXulu ngokwethuka, wathi uma ethi uvusa amehlo yabe isidla isikhotha imoto wababaza kwaba kanye "Hawe Mah" yabe isiphezu kwaso isihlahla, yasishaya yaze yaphakama ngemuva kwavuleka zonke izicabha, waphumisa okweselesele uMaXulu waze wayowa njengalaphaya wathula du.
Mdunge: "MaXulu, MaXulu, MaaaaXuuuuulu" kumemeza uMdunge ocingweni uyawuzwa lomsindo njengoba wenzeka maqede kuthi nya, walugaklaza phansi ucingo ngokushesha, wadumela isibhamu sakhe nokhiye wemoto yomsebenzi waqonda emnyango esedishazela "kanti kwenzakalani? Kuzibuza uMdunge
" uxolo Mr Mdunge ngabe konke kuhamba kahle? kubuza uNobhala
"Ngiyabuya Ntomb'zodwa, utshele abangifunayo ukuthi angikho" kusho uMdunge egxadazela.
UMaXulu waphaphama ngoba esevuswa ngezinye izinsizwa ezazedlula ngendlela, uzizwela kude sengathi ziyamemeza zithi " Maaaaama imooooto iyaaaaaasha" uyamuzwa lomuntu ememeza sakudonseka , kuvele kuthi qwebu emehlweni kuMaXulu athi gubhu ahlale ngezinqa, sekugcwele abantu, sekumi nezimoto, avuke azibuke unomhuzuko lapha engalweni wopha igazi, azesule, imoto yakhe yabe isiqalile ukusha, asukume azithintithe usemahlikihliki ugcwele nezintuli ekhanda.
"Ndodakazi kubukeka sengathi ulimele ngena lapha emotweni yami ngikuphuthumise es'bhedlela" kusho lelikhehla eselimpunga ngisho ezindlebeni. Aqalaze kabili uMaXulu aqhugeze aqonde emotweni yekhehla, angene alale esihlalweni esingemuva, lingene ikhehla lidumise imoto "ungesabi Ndodakazi awulimele kakhulu, uzolulama ngokushesha, asibonge umphefumulo singabe sisayikhalela inqola, isayobuye ithengeke" kusho ikhehla lisusa imoto, laba ukuqhela nje endaweni yesigameko wavuka wahlala ngezinqa uMaXulu wabuka emuva, bahamba baze basithela elokhu eqalaza emuva, kuthe uma esebona ukuthi sebeqhele ngokwanele wakhala ngomchamo washo ukuzimoshela khona la, layibamba imoto ikhehla latatazela lavula isicabha lehla lavulela uMaXulu ukuba aphume, wehla kancane uMaXulu ubambelele kulo ikhehla alinake lutho nalo, lethuka ngoba eseliphusha uMaXulu ikhehla leNkosi laye lathi fulukuhlu phansi lalala amankeyane, waqonda emotweni ngejubane uMaXulu eyayivele iduma waphoseka phakathi wavala izicabha yayisuka ijika ibuyela lapho iqhamuka ngakhona, wathi uma eqhamuka ephosa amehlo kuleya ngozi yakhe......
09/06/2026
Uthini umbono wakho ngabokufika Mhlaka 30 June?
Wena ngokwakho uthi abahambe bonke oSbali noma kubhekwe labo abenza ukuncola emphakathini ikakhulukazi ama Nigerian?
09/06/2026
IZWI LOMFELOKAZI
S3
Ikhasi 14
Wathi uma ephuma ngesango uNdlovu wafikelwa umcabango wokuthi kambe lensizwa yoMsuthu emelusela izinkomo ihlezi izincoma ngobunsizwa bayo futhi ayikushiyi eceleni ukuthi yona iyanqumana, ake ngithathe yona lensizwa ngiyazi yona izongenzela kalula lomsebenzi, kucabanga uNdlovu ejika ngokushesha ebuyela emuva, wangena ngesango waqonda kuleyandlu emi yodwa ehlala yona lensizwa, wafike wangqongqoza kwaba kanye yasabela ngaphakathi iNsizwa yoMsuthu
"vula wena, shesha" kusho uNdlovu sakuhleba emnyango, wagxuma ngokushesha umsuthu wenkosi wavula , aphoseke ngokushesha uNdlovu "unobani la? kubuza uNdlovu ekhanyisa ngethoshi lakhe eqalaza yonke indlu.
"ngingedwa Baba, ngabe kukhona okonakele? kubuza uMfana woMsuthu emangele ukuthi kwenzenjani kumlungu wakhe.
" Cha cha akukho lutho Mfana, lalela_ke ngidinga usizo lwakho lapha ngokushesha" kusho uNdlovu eqalaza ubala.
"ye..yebo..baaba" kuvuma lensizwa yoMsuthu seyethukile
"ungethuki, ngiyakwazi uyindoda enesibindi, awunalo neze uvalo njengalokhu kwabanye abafanyana, kunomsebenzi engifuna ungenzele wona khona manje, mi bamba la" kusho uNdlovu edonsa ivolovolo elinikeza lensizwa, yalemukela lensizwa iqhaqhazela, isamangele nje ukuthi kwenzakaleni ngo Ndlovu ngoba phela imazi njengomuntu lungile, nangu esephethe ivolovolo ngomnyama ufake namagilavu.
Ndlovu: "woza sambe, shesha" kusho uNdluvu ephuma ngomnyango eqalaza phandle kuthulekile cwaka, ilandele ngemuva lensizwa iphethe ivolovolo ngesandla ayazi nokuthi kuyiwa kuphi.
Wayihola phambili uNdlovu lensizwa akekho okhulumayo kuzwakala ukukhala kwezinyawo phansi, bahamba baze bafika ngasemzini ka Zwide, kwabe kuthulekile cwaka ezweni, kuzwakala ukukhonkotha kwezinja kanye nokukhala kwamaqhude, ame uNdlovu abuke lensizwa "umsebenzi wakho ulula kakhulu ngifuna ungigudluzele uBaba wakulomuzi (ekhomba kwaZwide).. uma wenze njalo ngiyokuklomelisa ngomhlambi wezinkomo ezilishumi ngikunikeze nalemoto yami engiyithanda kakhulu ebomvu, uyohamba nawe ubuyele kwelakini ufumbethe esandleni " kusho uNdlovu ehlikihla amahlombe alensizwa, ivumele phezulu nayo uma izwa elemoto, ibe isuka njalo intathatheka ibheke khona ngejubane, ayibize isibuqamama uNdlovu "yey' lokhu woza la uyaphi" kumemeza uNdlovu sakuhleba, ijike ngalo ijubane lensizwa isihefuzela ubala uyabona nje ukuthi isinukelwa igazi.
"njengoba usugujima nje uthwala ikhanda, uyayazi yona indlu oya kuyo? kubuza uNdlovu
" Cha Baba, bengithi.. " izama ukuchaza ayihlale emlonyeni uNdlovu
" nansi indlu oya kuyo, phuthuma, uma uqeda uzongifica ngale kwaleliyahlathi, angifuni nelincane iphutha kulento" kusho uNdlovu, yavumela phezulu lensizwa yasuka ngokushesha, wajika uNdlovu wakhilikithela ebuyela emuva ngakulelihlathi abedlule kulo. Ayibange isabuza okuningi lensizwa yaqonda ngqo ngaphakathi ekhaya, impela ibhadi liyakwazi kubo kwalo, nangu uZuzumuzi uzibuyela ezindaweni zakhe uhamba uyadiyazela uzongena ngenhla komuzi, yathi uma iphakathi negceke lensizwa yambona esethi thushu uZuzumuzi namavukuvuku ejazi engena ngentuba ayibange isabuza lutho lensizwa yavele yabona sengathi nguye lomuntu eze ngaye, yayingazi ukuthi kukhona omunye owesilisa ngaphakathi kuleligceke kwazise uNdlovu akachazanga lutho, yavele yadedela intululwane yezinhlamvu idubula ibhekise ngaku Zuzumuzi, yamshaya iphindelela waye wawa phansi.
UNdlovu uyayizwa izamula imakwabo uyasho ngenhliziyo ukuthi ibambe ngakho ayife inja, Akuphelanga sikhathi esingakanani yaqhamuka isigijima lensizwa ilengise isibhamu ngesandla, "sengiqedile Mlungu" kusho lensizwa ihefuzela.
Ndlovu: "unesiqiniseko sokuthi ufile kodwa lomuntu? kubuza uNdlovu
" ngimshaye waze washunqa intuthu Mlungu angenke adabule laphana" kusho lensizwa ivevezela
"asambe_ke, letha la isbhamu sami" kusho uNdlovu ehlwitha isibhamu kuleNsizwa esithi shu ngaphansi kwejazi, basuke lapho belandelana, uhamba phambili uNdlovu akekho okhuluma nomunye, bathe uma bezowela umfula wama uNdlovu "Ake ngichithe amanzi ndodana, yedlula" kusho uNdlovu eziphuthaza ngaphambili, yedlula lensizwa, azenze umuntu ochamayo uNdlovu, adonse ivolovolo, yayinganake lutho lensizwa ibheke phambili yezwa ngoba sekuzamula insimbi yomlungu ngemuva, yasho kanye kwacima izibani kulensizwa yaye yayowela esikhotheni, agxumele kuyo uNdlovu ayihudule ngokushesha ayiphose eweni elabe lisehlathini phansi "akukho moto engingadlala ngayo lapha yifa Njandini seniyoxoxa phambili noZwide " kukhuluma uNdlovu yedwa ezesula igazi eqeda ukuphosa lensizwa eweni, abuye lapho aqonde emfuleni afike ageze izandla, konke ukwenza ngokusge
(ngakusasa)
Ukusa kwaziwa nguye uNdlovu wavuka wakhipha izinkomo zakhe sengathi akazi lutho, wayefuna ukuba sentabeni ukuze uma kukhona okwenzekayo akubone kahle,
Wazidedela emadlelweni izinkomo zakhe wabe esehlala phezulu entabeni ebuka yonke imizi phesheya, kwathi kuphuma inhlamvu yelanga wabe esehlahle onke amehlo uNdlovu ubuka phesheya kwa Zwide, uyay'bona leya Moto eshaya kancane ibheke khona, Nampa nabantu beshaye ujenga bebheke khona sekuyezwakala ukuthi kukhona abakhalayo, kusobala lidume lamthatha ngempela uZwide.
(kwaZwide)
UZwide uhlezi enhla kwesibaya wemukele abangenayo njengoba bezomkhalisa, uthule du ubheke phansi ulalele amadoda endawo ezama ukumduduza.
Xulu "ewu kodwa mlingani wami yini lena esehlelayo, kwaphela zonke izingane ekhaya wasala wedwa, sewuyofihlwa ubani wena uma kuhamba onke amathumbu akho, siyazwelana nani kakhulu muzi kaNdwandwe alwehlanga lungehliyo" kusho uXulu eqosheme buqamama namadoda ayemphelezele ezokhala.
Zwide : "ewu Mlingani kubuhlungu kuyaqaqamba, ingane yami angazi ukuthi kungani ibulawe ngesihluku esingaka, baze bambulalele egcekeni pho" kusho uZwide
Xulu: "sikhala ngalokho sonke Zwide, noma ngabe beyone kangakanani ingane kodwa ukufa kanje bekungayifanele"
Zwide: "Impela kunjalo Mlingani, yebo asazi ukuthi ubenzeni, kubani kodwa lena yokubulawa kanje isiyimpi, kodwa_ke asishiyele kuwo umthetho uzothatha indawo" kusho uZwide
Nanka amaphoyisa engena ngesango, yathi ima nje imoto kwakwehla osigaxamabhande ababili beqonda kubo oZwide, bafika babingelela bacela uZwide bathi ukuxoxaxoxa naye eceleni bamhloma imbuzo , waphendula akwaziyo uZwide, babefuna ukwazi ukuthi uZuzumuzi ngabe unazo yini izitha abazaziyo, walandula uZwide wathi akazi lapho bephuza khona, bacela ukuhamba naye uZwide ukuze ayobabonisa lapho iphuza khona indodana yakhe ukuze baphenye kabanzi kulabo aphuza nabo nalabo ayekade egcine ukuhlala nabo.
Kwenzeka konke nje lokhu uNdlovu uyabuka njengoba ehlezi egqumeni phesheya, wabalinda bangena, baphuma abantu kwaZwide baze bancipha, wabe esefikelwa umqondo osheshayo "Ake ngiyobheka nami bengaze besole abantu, ukungayi kwami kuzokwenza ukuthi bazibuze kaningi ukuthi kungani mina ngingaveli ukuzokhalela uZwide kube kuyindoda ebesizwana nayo kangaka, kuzomele ngethembise futhi ukuthi zonke izindleko zomngcwabo ka Zwide zizothwalwa yimi, ngenzela ukuthi abantu bangalinge basolele ngakimi" kusho uNdlovu esukuma ezithintitha ehle kancane ebheke ezansi eze eyowela umfula.
Ufika nje uNdlovu akasekho uZwide ebaleni usaphume nabo mthetho, wafike wakhuleka esangweni, nanka amadoda endawo ahlezi eduze kwesibaya aqonde khona afike abingelele bese ewazisa ukuthi usaqala endlini ukuyobona isimo, avume amadoda, angithi wonke umuntu uyazi ukuthi uZwide noNdlovu bangamathe nolimu.
Wangena endlini uNdlovu waqoshama ngasemnyango, bamnikeze icansi oMama, ahlale phansi.
Ndlovu : "akusekho nakubingelela muzi kaNdwandwe , siyawuzwa umuga onehlele ebusuku namanje ngisathuthumela ngisazibuza ukuthi kodwa sebengaze babulale uZwide pho, impela uZwide bekuyindoda engisondelene nayo kakhulu ibingakaze ingibikele ukuthi inezitha esezingaze zimenze into embi kanje, noma ngabe ubenzeni uZwide kodwa ubengafanelwe ukubulawa ngalendlela sengathi kubulawa isigebengu esesatshwayo, kodwa_ke ngyanethembisa ukuthi umbulali somfuna size simthole futhi sokwenza konke ukuthi uthola isijezo esimfanele" kusho uNdlovu, kuthi cwaka endlini oMama bangaphenduli, bayazibuza nje ukuthi useyagula yini uNdlovu waphambanisa inkulumo hleze wenze iphutha, aphinde aqhubeke uNdlovu,
"uZwide indoda esesiphilelane nayo isikhathi eside, ngakho ngizimisele ukuthwala zonke izindleko zakhe zomngcwabo, ngifuna abekwe ngesizotha endaweni yakhe yokugcina" kusho uNdlovu, siqhume kakhulu isililo kuMaSbiya, asukume uNdlovu asonge icansi abonge ayophuma ngomnyango, wathi ephuma nje nangu uZwide engena ngesango uqedwa ukushiwa imoto yamaphoyisa, kuhlangane amehlo lwamshaya lwamqeda uvalo uNdlovu wazethuka esehlezi phansi ngezinqa, ukuthi wayewe nini akazi naye.
(kwaNongoma)
UMaXulu uhlezi phezu kombhede uqeda ukugeza, uyagcoba, bese kuthi ngale endlini yokuphumula kuhlezi uMdunge ugoxa iziphuzo uvulele umsindo womsakazo.
UMaXulu wabona umnyango uvaleka sengathi kukhona owuvalayo, ethi esamangazwe ilokho ezwe umoya omkhulu uvunguza phandle kuzwakala ngezihlahla, ethi uyagxuma ubheke emnyango kube khona into emuthi ngqi ngesihluku aye awe phansi athi uyavuka imuthi mbo lento, ezwe kuxokozela amaphimbo amaniningi sengathi ayakhala, kukhulume izwi emsamo " Ngingumfelokazi onesihawu nozwelo, izifungo nezethembiso zethu awusazigcini, udla amandla ami mihla namalanga kepha mina awusangenzeli lutho, ungakhohlwa ukuthi ngibuka konke okwenzayo, ngihamba nawe, ngidla nawe, ngilala nawe, yenza okufanele ukwenze ukuze nami ngijabule, ngiyazi uzophinde uyozama ukungivala, ukhumbule ukuthi ngiwumoya ngiphethe konke ukuphila kwakho "lakhuluma lelizwi maqede lathi nya, waphinde wavunguza umoya, wagxuma kakhulu uMaXulu waze wawa futhi, wakhala mawala, wangena nezicabha uMdunge " yini, yini" kumemeza uMdunge, wamthola eseliqashana ekhoneni uMaXulu uzimboze ngengubo afike ayithi hlwi uMdunge "yini sthandwa sami kwenzenjani? kubuza uMdunge ngokwethuka eqalaza.
" Izwi, izwi, izwi Mdunge" kusho uMaXulu ekhomba emnyango uyakhala.
Mdunge: " izwi lani lelo, " kubuza uMdunge eqalaza emnyango akaboni lutho,
" izwi lomfelokazi... izwi... " kusho uMaXulu
Mdunge: "akukho muntu lapha sthandwa sami sisobabili, sukuma ugqoke uze ngale sizophuza" kusho uMdunge esukumisa uMaXulu phansi, uyabonakala uMaXulu ukuthi wethukile.
Asukume uMaXulu wethukile ubengakaze azitshele ukuthi lelizwi lisayobuya njengoba ayelivalile, ethi esagqoka kungene ucingo kumakhalekhukhwini wakhe "Ngicela ulubambe Mdunge" kumemeza uMaXulu esula izinyembezi,
Mdunge: "Yebo, ngingakusisa" kusho uMdunge ebamba ucingo,
Lomuntu owayeshaya ucingo akabingelelanga wavele wathi "isitolo siyasha Mama" maqede wavala ucingo
Mdunge: "ini...., hello... hello..." kusho uMdunge kuthi nya.
Mdunge " nakhu kuthiwa kuyasha esitolo, asiphuthume" kusho uMdunge ephuthuma izikhiye zemoto,
MaXulu : (lumshaye lumeqe futhi uvalo). "kuyasha? kusha kuphi futhi? kubuza uMaXulu ehlwitha ingubo eyigqoka egijima
Mdunge : " kuthiwa kusha isitolo asambe" kusho uMdunge eyophuma ngomnyango ngejubane, nangu uMaXulu naye egijima ezophuma , intuthu isibonakala phezulu edolobheni.
(Iyaqhubeka)
Ake simsize ngane zakwethu!!
Sawuba bhuti umlu ngcela ukuxolisa ukungena kuwe ungashongo ngcela imibono yenu nakubalandeli be page
Istori sithi ngithandane no guy for 7 yrs Saba nengane so saxabana umntwana esasesiswini ukhula vele angisekho empilwen ka guy uyamondla Kahle inkinga iqala la uyafunda umntwana u grade 1 u guy imali uyifaka Ku cc wami kushuthi mina benganaki sonke lesisikhathi ngoba ngingumuntu otohozayo ingane ihlezi no cc ekhaya so mabefaka le Mali abangitsheli u guy Kanye no cc wami ngiqale ukunaka last month ingane ishodelwa izinto zesikole Nam nginenayo imali la ay ngisho ngithi ngzoyiboleka for eyeviki ngoba sekuzoholwa igrant ethi omunye umntwana osekhulile nje ingani u guy uyifakile Imali ngyabuza nangasho ngani Pho mina bengizitshela ukuthi uguy uyifaka methanda Kanti uyifaka NJalo saxabanake no cc sibanga ukuthi akangazisi ngani uyaphinda Na this month wenza samething lapho mina ngifonelwa umalume wemoto ingane Ina 2 month ingakhokhile kushuthi badla le engiyifakayo nale efakwa u guy kushuthi mina sengikweleta 3month kumalume mangitshela u guy ukuthi ayifake Kim uthi ngithanda imali ingane ayihlali nami lapho ingane mishodelwa kutshelwa mina manje angz ngenzenjani bengicela imibono yenu zingane zakwethu abufiki nobuthongo lemali engaka okumele ngiyikhokhe
Ngcela ungifihle bhuti umlu sengolalela Kuma comments.
Nenzani lapha kwa Tiktok kanti๐ Nampa oGobela bekhiphana phansi kweziketi zabazali๐๐
01/06/2026
IZWI LOMFELOKAZI
Season 3
Ikhasi 13
(eThekwini)
Sekuqala ukuhwalala lapha eThekwini, isiphithiphithi sibuzwa khona njengoba kunomcimbi omkhulukazi,
UVusi no Nozipho bafikela kuso leso sphithiphithi, nenjabulo yabe ibuzwa kubo kwazise usuku lwabo lokuqala bezikhiphile uzwa ngomsindo womculo emotweni abahamva ngayo njengoba uNozipho kunguye onkeneneza wedlula umculo lona odlalela phezulu.
(uMaXulu)
UMaXulu no Mdunge kanye no Mtshali nengoduso yakhe nabo bafika ngaso leso sphithiphithi sase Thekwini kwelika banana, bafika nje sebevele sebethe ukuqinisa ngapha ezinkambeni ubona nangendlela asebekhululeke ngayo usungafunga ukuthi kudala bazana sekuphele ngisho amahloni ku MaXulu.
Bathi uma befika eThekwini bafuna indawo abazolala kuyo ngemuva lomcimbi, baphinde babeke nezimpahla zabo, waqasha hotel eliphambili uMaXulu kwazise phela imali ithi Tata lapha kuye, bathi bengaqeda ukushintsha base benikela khona emcimbini wodumo, nakhona babezohlala nezicukuthwane, konke kudla ephaketheni lika MaXulu.
(uVusi no Nozipho)
UVusi no Nozipho bafika sekuthe ukwedlula isikhashana impela nomcimbi usuqalile, ababange besafuna nendlu bavele baqonda khona emcimbini lowo abeze ngawo, uzwa ngomsindo ukudonsa ugakangeni nangaphakathi, bangena sebebambene ngesandla uVusi no Nozipho baqonda kuzo izicukuthwana bafika bahlala etafuleni elabe libuqamama nelo MaXulu.
UVusi wathi uma eqeda ukuhlala phansi ethi uphosa amehlo kulozicukuthwana ezingaphakatha nqwamaniyane no MaXulu akanake nakunaka unkamalanga uyaxoxa nalensizwa enomzimba futhi kuyabonakala ukuthi bayathandana, ubona nendlela abathintana ngayo lumuthi heqe uvalo uVusi, ezwe nenhliziyo yakhe ithi xhimfi, athule agqolozele uMaXulu kuze kubuze uNozipho "Vusi ngabe konke kuhamba kahle? kubuza uNozipho
Vusi : (ezihlekisa) " ya ya konke kuhamba kahle, ewu ubuhle obulapha ngiyabuqala ungafunga ukuthi ngikwelinye ilizwe" kusho uVusi ezihlekisa ubala sengathi akonakele lutho , amehlo akhe ayengavumi ukusuka kuMaXulu, uMaXulu yena akukho ayekunakile wayezijabulele njengawo wonke umuntu olapha ngaphakathi.
Kuhambe isikhathi, ulokhu ebantshontsha ngeSo uVusi akafuni uNozipho kuze kube khona akusolayo, vele akamazi noMaXulu, Kuthe engasanakile uVusi uma ethi uphendula amehlo akasekho uMaXulu aqalaze yonke indawo akasamboni, kusobala usaphumele phandle kwabe kuyilo ithuba lika Vusi lokuthi ambonele eduze njengoba wayefisa ukwedlulisa amagama athile ku MaXulu, phela ukugcina kwabo ukukhuluma kumhlazane belungiselela umgcagco wabo, nawo lowo mgcagco agcina engawubonanga uVusi, "uxolo sthandwa sami ake ngiyochitha amanzi" kusho uVusi ku Nozipho esukuma, avume ngekhanda uNozipho ugqolozele umculi odlalayo , wagudla izihlalo uVusi ebheke emnyango uyazizwa ukuthi ukhushukelwa igwebu, wathi uma ephuma eqalaza ngaphandle wayibona kancane ingubo kaMaXulu iyosithela kwelinye ikhona, agijime ngejubane ashone ngakhona uVusi ngethemba lokuthi uzomthola eyedwa uMaXulu, wathi uma ethi thushu, mameshana! nangu ngempela uMaXulu inkinga usemi nenye indoda kwabe kungu Mtshali lowo bayaxoxa, afike ezedlulise uVusi ubheke phansi ufihlwe isigqoko somhelane lesi asigqokile akulula ukumbona njengoba kunamathunzi obumnyama lapha phandle, athi engedlula uVusi bese ema ezenza umuntu ochamayo nodakwe kakhulu uze adiyazele abambelele kuloluthango olubiyile, azikhulumise yedwa, bayaxoxa laba ngemuva sakuhleba abamnakile.
MaXulu : "Cha cha Mtshali angiboni kungumqondo omuhle lokhu osukwenza, uMdunge uma engake athole ukuthi mina nawe sicashe kanje siyabambama angazi engathi" kusho uMaXulu echiliza uMtshali.
Mtshali: "ungangitshelani ngesilima esingu Mdunge, angithi mina nawe izolo senze konke okwenziwa zithandani ibe ikhona lenyoni yakho lena othi uyayithanda, kodwa ayikaze isole lutho, futhi naye uMdunge wazi kahle ukuthi wena ungu Mfazi womuntu wathelwa ngenyongo ngakho_ke engalinge enze sengathi ushadile nawe, mina MaXulu ngisengakwenza uMfazi ohloniphekile ukhohlwe uMdunge ngoba ulandela ubukhazikhazi bezinto zakho, ngiyazi mina ukuthi akakuthandi" kusho uMtshali ezama ukuncenga uMaXulu ebumnyameni.
MaXulu: " Cha Mtshali ayikwazi ukwenzeka leyonto, kulungile uma uMdunge egaqele imali yami vele anginangane, anginandoda, anginamndeni ngiyimi nje naye uyodla ashiye" kusho uMaXulu ephusha uMtshali.
Mtshali: "ngiyakuzwa konke, kodwa ke angisale sengithi manqa bese sibuyela ngaphakathi ingaze isole lenyoni yakho" kusho uMtshali esondela, ahlehle uMaXulu " ngithe cha Mtshali, buka nje nabantu bayasibuka, bengathini nje bona? kubuza uMaXulu ephusha uMtshali.
UMtshali ediyazela ehlehla " khohlwa ilezibotho zidakwe utshwala zonke" kusho uMtshali ephenduka ebuka uVusi "Buka nje nakhu okunye kunini kuchama la ngiyasola kulele, yey' wena sdakwa ndini vuka la" kusho uMtshali ephusha uVusi, kuthi xhimfi kuVusi avele aphenduke agadle phakathi nobuso ngesibhakela kuMtshali, wayengadinwa ukuthi uyamphusha kepha udinwe ilenkulumo akade eyilalele, sahlala phakathi nobuso isibhakela kuMtshali wadidizela waze wayohlala phansi ngezinqa lathi vo igazi ngamakhala, wathi uyavuka uyazabalaza uzama ukuzogadla avele agwace phansi uVusi ageje aze aphaphalaze uMtshali sekuhlangene neziphuzo nokucasuka, aphinde agadle uVusi sahlala esiphundu isibhakela ses'bili kwathi shwathi ku Mtshali ngobuso, useyamemeza uMaXulu akaboni nhlobo ukuthi uVusi lona odikadika uMtshali ngenduku, oNogada baqhamuka sebegijima bafike babamba uVusi, nangu uMdunge naye eqhamuka egxadazela ukuthi wabe esezwe ngobani akwaziwa, wafika eseyimpi ephusha kwasani okuphambi kwakhe, ufuna ukugadla ku Vusi babembamba oNogada kanye noMaXulu "Cha cha Mdunge ungandisi uthuthuva nizokona umcimbi wabantu, uMtshali uyena osukele lomuntu ezimele" kukhuza uMaXulu ebamba uMdunge.
Mdunge: "Noma ngabe umsukelile sthandwa sami kepha akanalo ilungelo lokushaya abe njena, uMseshi wonke pho, kuzomele aboshwe lomuntu" kubhoka uMdunge bemvimba oNogada.
Wathathwa ngoNogada uVusi wakhishelwa ngaphandle, wacela ukuba abizelwe uNozipho ngaphakathi uVusi, nebala waphuthuma khona uNogada wabuya naye, wafike wamangala nje uNozipho ukuthi impi kanti ingaka ngaphandle, wayesephithiza ubala uMdunge efuna isibhamu sakhe bayamvimba oNogada kanye no MaXulu.
UNozipho wadonsa uVusi baqonda emotweni ababefike ngayo bangena wayidumisa uNozipho yayisuka njalo, uhamba unxapha ubala uVusi akakhulumi lutho, kuze kube uNozipho obuzayo " kwenzenjani ngampela Sthandwa sami, sekungeyani impi engaka? kubuza uNozipho eshayela uyodundubala N2.
Vusi : " n # # #, kanti akusona yini lesi siphukuphuku, singisukela ngizichithela amanzi, sivele siyangidudula sithi ngidakiwe ngithi ngisamangazwe ilokho sivele sigadle, kwabe sizithintele" kusho uVusi enxapha ubala ekhumula ibhantshi eliphosa esihlalweni esingemuva, yashosholoza njalo imoto isibuyela emuva.
(kwaNongoma)
UNdlovu akasabulali ubuthongo njengoba wahlukana noZwide ikhombene ngamazwi, kusobala uZwide kukhulu alele kukho, kuzomele ngizame ukugadla kuqala " kucabanga uNdlovu, avuke akhanyise ikhandlela, alithathe aqonde emsamo nalo kwipotimende lakhe, afike aguqe avule ipotimende ude entshontsha umfazi wakhe ngeSo ulele uyahona, akhiphe zonke izimpahla eziphakathi, kwabe kunesishuqulwana esabe sisongwe ngoshekhasi, asibambe lesi sishuqulu kuqhaqhazela izandla, awuvule loshekhasi adonse inhlalibathatha emnyama bhuqe ibukeka iseyintsha kuyasho ukuthi ayisebenzi nhlobo, ayibuke ayiphenduphendule, asukume ayifake lapha enqulwini, aqonde kulamajazi akhe alenga ngasemnyango adumele elilodwa alithi dlu emzimbeni, aphinde aqalaze isigqoko sakhe lesi esivala ubuso, avame ukusigqoka uma eyolusa izinkomo ebusika, asithathe asishutheke ephaketheni lojazi, acime ikhandlela ngonyawo aqonde emnyango afike avule ngesinono ukuze uMfazi wakhe engenke aphazamiseke ebuthongweni, aphume avale ngaso isinono asuke sakunyonyoba, wazizwa izigi uMfazi zisuka emnyango, avuke ngokushesha anyonyobe naye ayolunguza ngemfantu yesivalo, kakade uNdlovu wenza konke lokhu nje uMfazi akalele uqubile uyambuka, uyaqala nokwazi ukuthi umyeni wakhe wemnyaka kanti unevolovolo khona lay'ndlini indaba engaka!, kwabe kucabanga uMfazi kaNdlovu epopola ngemfantu yesicabha uyambona uNdlovu eyophuma ngesango eshesha.
(Iyaqhubeka)
Nanka ama pics kuBafo owahlangan Nam eThekwini nge weekend ๐๐๐๐ ngyabonga
Click here to claim your Sponsored Listing.
