Zulu stories
Izindaba zesiZulu by Nomvula
11/05/2026
Ngunkosikazi Ndebele ngishade nomyeni wami iminyaka elishumi sinezingane ezine manje akuhambi kahle empilweni. Wayekade esebenza kodwa waphela emva konyaka sashada. Besithwala kanzima kangangoba besike silale singadlile nezingane ngingazi zozinikani💔💔❤️🔥😭.Kuqhubeke iminyaka yaze yawu4 ngiwashela abantu kodwa kwakungashintshi lutho. Ngelinye ilanga umyeni wami wathi usayobheka amatoho edolobheni wahamba ngempela. Uhambe insuku ezine wabuya wathi uhlangane nomngani wakhe uSkhakhane wamthembisa ngoba usomabhinisi ethawini. Ngemva kwezinsuku ezimbili uphindele kumngani wakhe edolobheni.
Emva kweviki ubuyile usokhaya kwakumnandi ukubuya kwakhe ngoba wabe esesebenza imali isingena kodwa kwaphela izinsuku ezimbili vo kwashona boy wami oyedwa wavele wawa masifika use usethule samphuthumisa esibhedlela kwathiwa useshonile 😭😭😭😭😭😭😭💔💔💔💔.Ngabuzwa ubuhlungu obukhulu.
Kwanziwa amalungiselelo wafihlwa umntwana. Emva kwenyanga umyeni wami wathenga imoto wasithatha nabanwana wayi usiyisa edolobheni uyosijabulisa .Sahamba okwamangaza sathi sifika lana saya emzini omkhulu owawumuhle unezimoto ezimbili namagumbi amane namagarage awu 2 uyisitezi wawusezingeni eliphakeme kakhulu. Masingena khona kwakunempahla yonke into isilungele abanini bomuzi .Ngamangala uma umyeni wami ethi owethu lomuzi kusukela manje sesohlala khona ,zajabula ingane zami kodwa mina nganilokhu ngimangele 🙄.Impilo yashesha saphenduka omntakabani iziqumama ,amabusiness amaningi afaka imali eningi layikhaya sadla izambane lika mpondo .💴💴💴💰💰💰💸💸
Iyaqhubeka asihlangane kumacomments.
Don't forget to like ,comment and share my story on 10 groups
I got over 50 reactions on my posts last week! Thanks everyone for your support! 🎉
01/05/2026
Umama wangifonela ethi usendleleni uzosibona..Ngasukuma ngalungiselela ngapheka ukudla kwakhe akuthandayo..Wafika endlini kwami ngabo12 emini ngingedwa ingane ziseskolweni..sajabulelana Kakhulu Saxoxa Kakhulu wangitshela nokuthi uyohlezi enami nengane zami..Ngamphakela ukudla wadla wabonga wasethi Kimi ukhathele ucela ngimuse egumbini lezivakashi alale..Amazwi akhe okucina wathi mtanami ngiyakuthanda ugcine kahle abazukulu bami I just laughed and said Mah yini wakhuluma okomuntu ofayo? Wahleka naye..Ngavala isicabha ngaphuma ngemuva kwemzuzu ngafonelwa nguMalume esithi”Mshana (usisi) my mother akasekho emhlabeni ubesengozini yemoto endleleni esiza kwami..Ngahleka ngathi Malume ungadlali kanjalo uMah nginaye lapha uqeda kudla isidlo semini lapha…Malume wathi Mshana angidlali lapha ngikhuluma nje ngisegwaqeni kuN1 isidumbu sikasisi ngisibhekile…I Rushed to my mom’s room ngathi ngivula umnyango there was no sign of my mom..I started shouting Mama Mama ukuphi 🗣️nikhona
Please like share and follow
Zulu stories by Thandi Magwaza
゚viralシ
24/04/2026
With Tsibisho-Serepo Luu Wa Mafiri – I just got recognized as one of their top fans! 🎉
01/04/2026
Thandiwe igama ngishadele kwaMkhize eMahlabathini .Nginga 32 weminyaka .Ngahlangana nomlisa eMpangeni edolobheni ngokusebenza eseGoli .Ngifike lapha ekhaya ubabezala ebengasabesenzi esedla udekle (retirement) yakhe .Ngagana umyeni wami wahlala isonto elilodwa esangijwayeza emzini wase ebuyela emsebenzini. Ukuhlangana kwami noBafana Mkhize kwashesha izinto sashesha nokushada.❤️❤️
Asikaze sihlangane ngokoxansi noBafana size sashada okwangixaka esinsukwini azihlala ekhaya akaze sihlangane nangobulili wayelokhu ebika ukukhathala waze kwaba uyahamba ubuyela eGoli .💔 Wangibulala umzwangedwa langa limbe uBabezala angene exhibeni athi angimenzele okuya ngasethunjini kwazise uMamezala wayeye ngasedolobheni ngamenzela .ke vele kwase kulungile wathi ngimlethele egumbini lakhe .Ngamhambisela ke ukudla uBaba ngithe ngiyaphuma athi awuhlale phansi kancane maLokazane ngempela ngihlale athi mntanami ngathi awujabulile nje ngithi ngijabulile Baba athi kimi uBafana useke wakujabulisa kodwa ngivele ngimangale uthini ubaba manje athi ungasabi mntanami shono nje ngithi cha baba uthena uzoshesha ukubuya azongibheka ,avele ahleke athi hhay hamba ke uyokwenza imisebenzi yakho .
Ebusuku kudliwe kuqedwe ngivalelise ngolala .Phakathi kwamabili ngizwe kukhona onqonqozayo emnyango ngivuke ngibuze ubani athi Babezala yimina mntanami vele ngavuka ngangqoka bese ngivula angene ,ngibuze kwenzenjani Baba ngakusiza ngani athi ngimi mntanami ungakhulumi kakhulu ngaze kuvuke uNyoko hhayi sengimangele eze ngakimi athi angivale ngikhiye emnyango hhay nami ngiyamhlonipha phela uBaba. Ngithi ngiyaphenduka lingibambe ngokiss ikhehla ngivele ngisangane konke okwalandela lapho nami angazi salala isithongwana💞 esincane .Ngaphaphama ngathi mangibuka isikhathi u2.a.m ngamvusa ngathi Baba umama uzovuka hamba wathi hhay angivalelise ke hhay kwakukubi impela wagqoka wahamba. Ngake nami ngangakholwa okwenzekayo kodwa kukhona okwakufihlekile engangimgakwazi ngalomndeni .🙄
Hhay sayenza lento noBabezala kwacaca sase sihalelana futhi lapho umyeni wami wahamba ijuba likaNowa akasho lutho lapho noma ngifisa ukumvakashela ngangizokwazi kanjani lapho asebenza noma ahlala khona ngoba angikwazi futhi akaze angitshele.Kwaphela inyanga ngangena kumaperiod kanti ngikhulelwe ngashawa luvalo ngamazisa Baba ngoba vele kwakungeyakhe ingane wathi ungakhathazeki makoti ngathi mina kanjani Baba ngizothini mina kumntanakho ngoba akaze alale nami,wathi ayikho inkinga. Kwathi ngelinye ilanga ngambona efika hhay lapho sengina 8 wezinyanga .💔
Kwathi ntambama sengimenzele nokudla sesilungela ukulala nje wafika uBaba wathi ake sixoxe ngihlaliswe phansi athi uBaba uyabona mntanami uBafana yimina engathi akaganwe ngoba akukho ngane laphekhaya futhi sunesizungu thina nomawakho wakhetha wena ke .uBafana yinkonkoni makoti uthandana namadoda anjengaye manje ke kuye kwaphoqa ukuthi ngilale nawe koti ngoba wayekubeke wacaca ukuthi ngeke aganwe yena kunomuntu ahlala naye eGoli athandana naye uBongani igama lakhe .😭😭😭💔
Part 2 kumacomments.
Lenyoka ebizwa nge King Cobra, iyinkosi ngempela. Yona yazikhethela ukuthi izozingela idle ezinye izinyoka. Ayikhethi ezinoshevu kumbe lezi ezibulala ngokufoqoza. Idla yonke into ethi nyoka. Futhi iyazizingena izinyoka eziyingozi.
Bheka ngoba le Cobra idla ngisho amanye ama Cobra, íphinde idle nezinhlobo ezinkulu njengeNhlwathi.
Ubuthi bayo bukwazi ukubulala indlovu enkulu, ngokuyiluma kanye. Kanti uma kuqhathaniswa nabantu. Ukuluma kwayo okukodwa kungabulala abantu abawu 20. Leso yisilinganiso sobuthi eyisikhipha ngesikhathi iluma.
Kafushane ushevu wayo uyingozi kakhulu, uyingozi ngendlela yokuthi nezinyoka ezinoshevu uzithuma uphuthu. Kalula futhi.
Lenyoka ayinaye nhlobo untanga.
Kanti ikwazi ukuphakamisa ikhanda ilingane nomuntu. Kanti futhi ihamba phambili kwizinyoka ezinde. Ikhula ibe yinde ngendlela emangazayo.
Okuhle ngayo wukuthi ayikho kuleli lakithi, ayitholakali nhlobo la e-Africa.
24/03/2026
Click here to claim your Sponsored Listing.
Category
Website
Address
J 820 Msilinga Road Kwa Mashu
Durban
4360
