Imbongi yothando Angel

Imbongi yothando Angel

Share

Hi im mbongikazi Angel abangaziyo bangaz ngo Nqorh ngiyatholaka ku whatsapp 0781934121 plz support me

26/11/2021

Ngiphoxekile 😭

Thando awungyeke,
Usufuna ukuhlanganisa inhliziyo yam,
Cha sorry inhliziyo yam isilengela emaweni,
Uthando lwam nempatho yam sekucashe
njengechwane libona uheshe

Yini thando
Inhliziyo yami uyiphulile,
Uthando ebenginalo baligxobe njengescathulo
sigxoba inhlabathi,
Ay angiphiki uthando benginalo,
Kodwa angifune muntu ozosondela
eduze kwenhliziyo yami,

Umuntu ufika ngokuzothamela esihlahleni
Sami bese eyahamba,
Ingakho ngithi hamba juba bayokuchutha
phambili,
Udlalile ngami,
Waze wangiphoxa

06/11/2021
02/11/2021

Sthandwa Sam 😘. My yonkinto

My yonkinto sungaze uphule eyam inhliziyo,
Sthandwa sam usungaze ujole nocc Wam
ngiyazi ukuthi iskhathi sokhlukana sofika
kodwa ayy manje,

ngempela awusenalo uthando lwam,
Ulalela abangani bakho bathi shiya islima
esingu nqorh,
kodwa usazobuya uze kumina uthi asibuyelane
wawenzima ubungane,

Ngibuyele kanjn ngazi kahle ukuthi awusenalo
uthando lwam,
Angilali ebusuku imicabango esekhanda,
Uma uzobuya ubuye lingakashoni ilanga,
Ubuwazi ukuthi bengifuna wena wedwa enhlizweni
yam,

Njengoba abangani bekufaka emhlabathini ngabe ibona abazokukhipha bakulethe ngakim,
Ungabe usabuya selishoni ilanga ✌

01/11/2021

Amaphutha Ami

Sonke siyawenza
Sixole sidlule,
Ngoba sifunda ngawo,
Ukube iphutha lalingeyona ingxenye yempilo
ngabe no Adamu akaxolelwang uthixo,

Lo ohlulwa uxolo
ufuna ukuzwa ngokusha,
Xola udlule,
ukhohlwe ukuthi seke wona,
Ngoba uma ungaxoli
kuzolimaza wena,

Impilo inamaphutha awo
Nezinkinga,

Imbongikazi yothando

01/11/2021

Impilo ayilula

Impilo inzima,
Impilo iyasinda,
isinda njengensimbi,
Impilo iwuginqigonqo,
Impilo iyamangaza,

Ufike uphumelele empilwen
ngakusasa uyakhal,
Amaphupho awafezeki
ufunde uqede
Amathuba omsebenzi awatholakali
kungani baba,

To be continued

01/11/2021

Uthando lwamanga

Thando uyibulele inhliziyo yam,
Uwuphulile umoya wam,
bengith' uzongisiza kanti uyangibulala,
bengith' uzoba nam enhlungwin kanti cha,

UThando lwamanga,
Uyidabulile inhliziyo yam
yagobhoza igazi
ngikhale kwanele

Thando sisize,
Uthando seluphenduke inzondo kim,
Uthando sekuyinganekwane Kim
Into oyisho phambi kwabantu,
uyilimazile inhliziyo yam,
ulibulele ithemba ebenginalo sisize Thando
ungabi uthando lwamanga ube uthando lweqiniso

Imbongikazi yothando

01/11/2021

Hi guyz im new emhlaben weymbongi plz support my page

Want your business to be the top-listed Beauty Salon in Durban?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Telephone

Website

Address


Nwabe
Durban