Njomane Bongisekile

Njomane Bongisekile

Share

Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Njomane Bongisekile, Health/Beauty, Kwahlongwa, Ward 13, Hibberdene.

23/01/2024

Kungani bakhetha Mina😭
Part 3

Ungena nezicabha kubo uyahefuzela okutshengisa ukuthi ubegijima lokhu kumangaza unina ngoba akazi kwenzenjani

Zodwa:mtanami kutheni kwenzenjani wabuya ngalesikhathi esikoleni

Nqorh: mama umuntu uyakwazi ukukhuluma nenyoka

Zodwa:cha mtanami ufuna ukuthi okusempeleni

Nqorh:mama namuhla ngizibone ngikhuluma nayo futh bengingenakho ukwesaba nokuncane kodwa angizwNga iphendule yathi bekunomsindo omkhulu wamanzi ovala ngizwe izwi layo

Zodwa:ayb suyasangana yini ayikho lento okhuluma ngayo ingwanekwane nje

Nqorh:mama kumele ungikholwe

Zodwa:khululeka mtanami kusasa uzobuyela esikoleni usuryt

Indaba ayihlalanga phansi ngoba isaba amazolo indawo yonke yase yazi ngesi gemegeme esivele esikoleni
Kwakunokhokhovula wenyanga yakwaNdlovu olusabekayo wawuya kuyo ngoba unenkinga yangempela

Ndlovu:uma ngabe lento ekhulunyayo iyiqiniso shuthi ngisengakwazi ukuba namandla amakhulu phele leyongane ikhombisa ukuba nesiphiwo esingaziwa futhi asandele muntu
Ngiyabonga mathongo amaih khululekani maduze nizojabula nivuye ngiyanethembisa
Wesigodo...wesigodo

Sigodo: nyangenkulu

Ndlovu:ake uphume uyongilalelela nanka amahlebezi alengane yakwa Dlamini

Sigodo:ubona iyiqiniso yini lento wena ophezulu

Ndlovu:yingakho ngithuma wena yingoba ngifisa ukuyizwa kahle phuthuma boh

Sigodo:kulungile

Nqorh:ngizoya kanjani esikoleni uma ngisho owami umama ehlulwa ukungikholwa into engizoyithini Lena kona lemibuzo emingaka engizoyithola Emphakathini noma endaweni ngizoyiphendula ngithini

Kwaba nomoya omukhulu kodwa inkinga wawuzwakala ekamelweni LA nqorh kuphela wathuka wazisonga ekhoneni lombede kwaba nezwi elibhongayo kuhle kwengonyama elasho lawa mazwi "Sekuyisikhathi sokuthi uthathe uhambo lwakho usukhulile manje.alululakodwa"

Nqorh:(ekhuluma ngenhliziyo)uhambo lwani manje lolo

Izinto zabuyela esimeni laphinde labalela kwangathi akukaze kwenzeke lutho

Nqorh:(aphume aqonde kumama wakhe)ulizwile lezwi ebelikhuluma mama

Zodwa: mhlampe kumele ngikuyise

23/01/2024

kungani Bakhetha min😭
Part 2

Kusesikoleni othisha bayathandazisa izingane.kwathi makusuka izingane zahayiza okekho owayebuza omunye kwabalekwa kodwa uNqorh was ale wama engazi kwenzakalani
Izingane zibaleka nje kuqhamuke uhalakaqa lwenkanyamba ngisho othisha base bengasabonwa

Waguqa phambi kwayo lokho kwamangaza woke umuntu lokhu ayekwenza kwaba nokuvungama ngoba bekuqala lokhu akwenzayo

Nqorh:kungani ulapha emhlabeni wabantu ngoba uyasiphazamisa

Inyoka:as..ass..ass..

Nqorh:hamba lapha ngiyakucela

Laguqhubala izulu lash*tsha lamnyama bhuqe othisha bacela izingane zigoduke wabuya umqondo kunqorh engazi kwenzakalani ngempilo yahoo wasuka ngejubane wabuyela ekhaya engasezwa ngiaho othisha bemubiza

Zama:ng a be uyibonile yoni leyanto wake wambona umunty ekhuluma nenyoka.

Mpilo:na I ngiyayiqala leya okungixakayo ukuthi ayimshayanga ngani pho Una bekwinyoka

Zama:ungasho uliphinde lelo shuthi uthakatha ngampela unqorh yingakho engafune mfana ngoba ubona kuzofa imith

23/01/2024

Kungani Bakhetha Mina😭
Part 1

Intokazi emhlophe ngikwebala ephuphuzela uboya umzimba wonke enyathela ngabantwana ivukile ilungisela UKuya esikoleni njengoba yenza umatikuletsheni

Nqorh:mama sengiyidlela isiyobonana mangibuya

Zodwa:kulungile ntombi wenze sure uyaqhubeka nokuzimisela lapho esikoleni ungaphazanyiswa izinto zomhlaba

Nqorh:kanti khululeka ntombi endala

Kusendleleni eya esikoleni abafana abathathu bayaxoxa

Lwazi:kodwa ithiwani indaba yalentombi yakwanjomane

Kwando:ungayiphath leyo seloku kwathi nhlo yona ayithandani namuntu akekho noyedwa umfana oyigojelayo

Zamo:lento iyangokuthi intombazane iziyalo zomzali wayo izilalele yAzithatha kanjani leyangane iyayazi into eyifunayo empilweni

Lwazi;yeyi kona uqinisile asisheshe nesikhathi sesidliwe yinja

05/11/2022

Thando uyini😪

Sengigijime amagumbi amane
Omhlaba
Ngakhuphuka izintaba ngizidilika
Ngahamba ezindleleni ezinameva
Ngathelwa uthuli
Kwamnyama emehlweni
Kanti Thando uyini 😪

Ngihlanganile nabangani bathi
Bayangithando kodwa bangijikela
Ngihlanganile nomndeni wathi uyangithanda kodwa wangijikela
Ngahlangana nezinsizwa zathi ziyangithanda kodwa zangijikela
Kanti Thando uyini 😪

Bazamile abadala befakaza bengichazela ngawe
Bazamile abangani ukungichazela ngawe
Zizamile izinsizwa ukungichazela ngawe
Ngisho umhlaba imbala kodwa bahluleka ukufeza abakushoyo
Kanti Thando uyini 😪

Bese ngikholiwe ngithi ngiyamazi
Ngizama nami ukunika Abantu Uthando kodwa bengilimala njalo ekugcineni
Ngabe Thando uyaphila ngaphela
Kungani pho ungazibonakalisi
Noma yimina engingalu deserve Uthando
Kanti Thando uyini 😪

Ibhalwe B.Mhlongo

05/11/2022

Baba wami💔

Ngibuka umama ekhala
Mihla namalanga
Ngibuka umama ezama okuya ethunjini
Ngibuka umama ecela komakhelwane
Kodwa owami ubaba usadla amabele

Intombi kashezi ikhishizela
Nezinkuni zokupheka
Intombi kashezi izibambela amatoho
Intombi kashezi izibambela ensimini
Ingena kutholo usizi ndawo
Kodwa owami ubaba usadla amabele

Bemuthuka
Bemubiza ngenja ehamba ikhaca ukudla
Emzini yabantu😭
Mengena esangweni kwamakhelwane bavale umnyango
Kodwa owami ubaba usadla amabele

Nesibindi sokubiza ngobaba siyangiphelela
Ngoba ngikuzwa ngendaba kwamina angikwazi
Uthi ngilala ngidleni,ngigqokani
Ngifundiswa ubani,engifundisa ngani
Wazi Kahle wazalisa umama ehlupheka
Wazikahle umama waphelelwa ikhaya ngenxa yakho

Mina ngizonda wena
Umama wakho akazalanga
Kodwa wabola amathumbu
Uyinyoka uqobo lwayo
Ngithi ayikulungele impilo okwamanje
Kodwa luyeza olwakho usuku

Ibhalwa B.Mhlongo

05/11/2022

Nhliziyo😭enothando💓

Nhliziyo enothando kawudeli
Sebekudlalise okwebhola
Bakuphendula isilo sengubo
Bagiyagiya phezu kwakho
Kodwa nhliziyo enothando kawudeli

Sebekubonisile abangani
Bakubonisa omama nobaba
Wakubonisa umhlaba
Kodwa nhliziyo enothando kawudeli 😭

Uloke uphikele njalo uthi ngilinye ilanga uyosh*tsha
Uthi uyokuthanda nawe njengoba umthanda
Uthi yingoba usadidisekile Uthando kwakho akaliboni
Kodwa nhliziyo enothando kawudeli 😭

Ayibo ngithi Vuka emaqadeni
Iqhubede likhala kathathu alikhali kane
Phaphama isikhathi sisekhona
Ngoba siyokushiya uyofisa ukuyakwagoqanyawo
Dela manje nhliziyo enothando
Upholise amanxeba ngendlela
Ungavumi bakudlale isakhona igqondo ekumsizi wakho

Ibhalwe ngu B.Mhlongo

19/10/2022

Ekamanjomane🔥

10/10/2022

Mama told me that
the only thing that will
give me unending happiness
Is money that I worked for😍

Want your business to be the top-listed Beauty Salon in Hibberdene?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Website

Address


Kwahlongwa, Ward 13
Hibberdene