Umlomo wabantu
Umuntu ngumntu ngabantu.
Ngiyanazi mina 🤞
Nginazi ekukhuleni kwenu nisebancane engakabikho ozibona engcono kunomunye.🤞
Nanibahle nisakwazi nokusizana
Nidlala ndawonye omunye edlala nomunye engekho odlala ngomunye🤞
Indaba imotsheke ekukhuleni kwenu🤞abanye benu bakhula ngomzimba bazibona bebadala baqala benza izinto zababantu abadala manje sebenenkinga ezinda kunabo.
Ufakazi imizimba yabo babukisiseni kahle ayikho kahle lento.
Ngike ngavakatshela nakwinkundla zokuxhumana (facebook) nganifica nihlebana nihlekana .nakhohlwa ukuncomana 🤞
Nina niyakhohlwa ukuthi abenzi benkundla zokuxhumana benza imali ngani njengoba nisabhizi ngokuchomelana. Nikhohlwa ukuncomana.
Abanye benu bazathi ngiyabajaja
Bakhohlwe ukuthi banokuphosta izithombe zabo kwiinkundla zokuxhumana bejajile bafwethu angiqondile ukunijaja ingxaki lendaba yenu yaz iyacobaba ..
Angizange ngimbulale kwachitheka isisu🤰🤞😥
Sengaphenduka umntu onecela ngingenacala. Sengabizwa ngombulali womphefumlo ongenacala ngingabulele.
Angizange ngimbulale isisu esaziphumela nam nganginganakile
Waze wangenza mbulali wangenza umbulali.
Kwathi ekuseni ngo6 ngivuka engubeni. ngona ngokuphumela emnyango. Ngithe ngeqa umgubazo kwabamnyama emehlweni.qhiii phantsi
Ngaphaphama esbhedlela .
Ngahlala 20 minutes ngivukile ekuqulekeni ngeva intlung zesibeletho.ngangithi ngiyalulwa🤰🤞😥
Akuphelanga mizuzu emingaphi udokotela wathi angiyochama .ilapho engabona khona ukuthi ingane yam ayisekho .ngazala amahlwili ayemnyama ayehlangene ngiyasola kwakwama wele.
Okwangidida ngawazala edikizela kodwa angasaphili..
Mangiya kwabanayo bathi bangibekela emnyango bangeqgisa .
Ukweqa kwam umnyango ekuseni ilapho kwamotsheka khona izinto ....
Bamthatha ngomcamo wam wasekuseni..
Umthakathi akaneli waze wangenza inyumba emzini wam
Ngisafisa ukubhala .ingaxi yam ngihlutshwa network " vodacom" ..
Kodwa ngiyathembisa zobhala❤🙏
Hide me Admin🤞🙏
Ngiwu Luyanda Jaca ethekwini emlazi kwa J. Ukuthi ngazimamela iziyalo zabazali ngabe angikho lana.
Ekhaya sizalwa sibathathu umina ngedwa umfana futhi ngowokuqala.
Bekukhona enye ibrazo yangasekhaya ekuthiwa uS'lova Mthimkhulu.
Lobhuti ubewudla ukotini , eyiphatha imali imoto ebehamba ngayo intsimb'ayigobi.
Ugaxe left and right gold and silver.
Unokunxibisa okwa struff.
Ubhuti ubeyi rollmodel yam.
Ngaqala nam ngahlanganisa ukuthola imali yokuthi ngithenge impahla ezibiza njengalezi zakhe..phela iyahlonitshwa ibrazo endaweni.
Ngolunye usuku ngise station ngabona sistera ihamba ngepolo idakiwe ngatsho ngentliziyo ngawina.
Ngiye kusisi ngikobe ngefastela.
Uxolo sisi isondo ngathi linenkinga elangemuva.ngitsho angimnakanga ngenza sengathi ngiyadlula angijampisi.
Waphuma isikhiye usitshiye silenga emotweni ngathatha imoto. Ngamtshiya ebeke izandla ekhanda.
Imoto ngayidayisela omunye ubaba ekuthiwa uNongoloza ePhaval'yon.R15000.
Ngahamba ngayothenga impahla.
Mangifika ekhaya umama uhleli nabantu bombutho babala imali.ngaxhintila emnyango ngeva kuluma intloko ngajika.
Ngithe ngisaya estolo ngithi ngiyobalinda khona ngabona ingane yeskolo iphethe laptop. Ngay'beka okapa emqaleni ngathatha laptop. Ngithe ngisake ndleleni kwaqhamka ipolo .qala-qala amarhata asengikhombile ngesbham. Nayi lentombazana yelaptop ngemuva.
Angidudla amarhata asemlazi strong.. ngalikhupha inqiniso angivalela izintsuku ezi4 .
Mangifika ekhaya i-oledi langibuka emahlweni
" Luyanda uwena wedwa umfana lay'khaya. Njengoba usuqala ukuba umgulukudu njeee lomuzi uzosala kube owabani? "
"Luyanda uzofa okanye ubolele ejele. Yiyeke lento ngane yam! ngoba uzokhalela umzuzu njenge watshi .isala kutshelwa sibona ngolopho.indlela ibuzwa kwabaphambile.akuyona indlela yokuphila lenah.kodwa ke hamba juba bayokuchutha phambili."
Lamazwi akazange ayithole indawo kim .angena ngapha aphuma ngale.six months sengithole lama gama k*mama. Ngithe ngibuya engonyameni kwenye indawo enobumnandi njee kakhulu ekuthiwa ikanyambose. Ngabona sistera lihamba nge golf-7 .
1+1 ngiyayithatha lena. Au nangempela ngayithatha zazula ngithe sengehla ngakwa K emlazi .ngeva amabhulethi yagijima ngerim imoto.
Ngaphapha esbhedlela naka amapoy'sa. Kwabe kuqhamka uDokotela Madlanduna.
" Mr Ndawonde ukesimeni esibucayi.
Usuzochama ngaleli pipe elinalesigubhu.impilo yakho yonke usuzohamba nge wheelchair.
Namhlanje uyagoduka.
Ngathi ngifika ekhaya zabe zehla inyembezi k*mama, kodadewethu.😥😭😭😥🤞
Ndicela undifihle admin🙏🤞
Igama lam ngiwu Nosihle Gumede
Ngineminyaka ewu 35 nginezingane eziwu 4 ngihlala eMZIMKHULU.
Ngadibana nobaba weengane zam 20012 .saba nengane yokuqala 20013 .ilapho esaqala khona ukuhlala ndawonye. Igama lobaba wengane zam uSimphiwe Mkhize from IXOPO.
Ubengasebenzi kuyimina ngedwa osebenzayo.ngimthanda kakhulu kangangokuthi bengi ngamtsh*theli
Ubeyedwa k*m. Kwabamnandi ke sathathandana ezama lawomatorho. Kwathi ngo 2016 saba nengane yesibili. Lutho indoda ayikakasebenzi .into engangiyithanda kakhulu kubhuti lo wayengaphuzi. Emnandi nangalana🍑🍆.
Aike ngimnike imali ubhuti loh eyokuthi akayokwenza i-certificate sobu security.
Nangempela asenze asipase asithole.athi esazama umsebenzi ngihlanganise amasenti wokuthi enze licence.Phela sengimithi ingane yesithathu futhi amawele2021.nangempela ayipase licence.
Ngimfunele umsebenzi kwaBOXER lapho ngisebenza khona.
Bamqatshe abe uDriver.
Kudingakale umntu ozayosebenza ku boxer oseThekwini. Kuthathwe yena ngimvumele futhi ukuthi akahambe. Anawele lawa esengiwamithi asena 8months.
04 April 2021 wahamba ubhuti eyosebenza ethekwini ngiya WHATSAPP naye .
Aibo usenokungiziba ubhuti.ku whatsapp ngibona izithombe amavido ewapostile esamatshwaleni.angimazi ephuza mna lomntu.
Ngiyamfonela lutho ucingo alibanjwa.. ukusukapho wangiblock.
Kuyimanje nginezingane ezi4 zakhe..
Angitshiya nazo kuyimanje lutho ukufowna ..
Kodwa uthixo ekhona emuhle njalo uzongiphendulela one day😭😭😭🤞
17/06/2022
IMPILO YASEMGAQWENI😭
Igama lam ngu Amahle Khuboni kwilali yaseMagcwabeni emzimkhulu. Ngineminyaka ewu 21 ubudala ngikhulele kuboka mama kwaKHUBONI ubaba owakwaMKHIZE umakutshiwo eTHEKWINI kwindawo ekuthiwa eseNGONYAMENI.
Umama ubesebenza eThekwini emadiyeni ilapho abuya nam khona.
Kwathi ngomhlaka 17 JUNE 2016 kwatshona umama wam.
Wathi emacika okokugcina amehlo kwaba sengathi kucika isibani sempilo yam.ilapho engaqala ukubona ubunzima bempilo baphenduka bangangazi igama lam abomndeni sebengibiza ngoYEWENA.
Usuku lomgcwabo lwaba ngomqgibelo.umalumekazi wangithembisa ukuthi uzohlala nam anginakelele .ngalowonyaka ngangifunda ugrade 12.
Bathe bemqgiba umama ngentlabathi kwabe ilapho beqgiba khona injabulo yam.umenzi womncumo ebusweni bam.
Kwathi sekudlule usuku lwamarhalavu ilapho ekwaqala khona ukutshisa. Waqala umalumekazi wangiphendula intombazana .
Ngaqala ngapheka,ngabhanda ngaklina ngatheza.
Benginokuwatshiwa impahla zengane zika malumekazi ontanga bam.umalumekazi engivusa ekuseni k*mele ngihambe ngiklinile ngiphekile ngendlule yonke imibhede neyengane zakhe.Ngalowomzuzu mna ngangilala phantsi ngasemnyango.
Umalumekazi engithuka engibiza ngamagama wonke " ubaba wakho wakuphika, unyoko wafa ilokufeba kwakhe .ungalingeke uqedele ingane zam ukudla.
Engithethisela ukuthi ngipheke ukudla okukuhlaza kodwa ubenokungithuma esitolo ngiphekile.
Kwathi ngelinye ilanga ebuya edolobheni wangibuza ukuthi ngiphekile, ngiklinile. Wabeqonda ebhodweni" angeke zikudle ingane zam lokudla okukuhlaza uzokudla wedwa " ezam ingane zizodla lokhu engibuye nako edolobheni wena uzodla lengxavu ngxavu yakho .
Kwathi ngomhlaka 04 november 2017 wangidlisa utshefu wamagudwane. Ngahlala esibhedlela u7 days ilapho engakhetha khona ukuthi mangiphuma esibhedlela angibuyeli ekhaya kungcono ngiyohlala emgaqweni .ngidle emqgomeni kadodi ngilale ezigangeni ngembhathe amakhal'bhothi .
Uthixo uzongiphendulela.
Mhlaka 12 november 2017 ilapho engaqala khona ukuhlala emgaqweni ngaphenduka iphara.
Iyaqhubeka>>>>>>>
Follow this page
Umlomo wabantu
to get full story
17 JUNE 2022.19: 20pm
Ngiyafisa ukuthi sibambaneni ngezandla🤝 sibe moya munye sikhulisaneni..
Leli page ngifisa kube sengathi kungaba UMLOMO WABANTU lapho esizokhulisana khona.lapho uzothola khona amagama okuphila nokukhula ngokomqono.
Nginethemba lokuthi sizokhulisana kancane kancane size siphumelele.
Umbona wakho ungamkhulisa omunye umntu.
Indlela osudlule kuzona empilweni zingamkhulisa omunye umntu.
Iphutha elike lakwehlela ungaba isizathu sokuthi omunye lingamehleli...
Leli ikhaya lam nawe nabanye.
Ukuze kelikhaya lifudumale likhule lidinda uthando lwakho.
Intlonipho yakho.
Ukuzinikezela kwakho.
Nokubiza abanye bazohlanganyela nathi lay'khaya ..
Kuningi osokufundile empilweni sabanye esingakwazi .futhi lokho osokufundile kungaba isifundiso esihleke nakuthi..
Ngoba kungasisidisa ekulingweni.
Kungasisa empumelelweni.
Lelikhaya ikhaya lethu sonke likhululekile .leli page ipage livulwe
Ingane eneminyaka ewu21.
Ngenjongo zokukhulisana
Nokuvikelana siyisizwe esimnyama.
Ngicela intlonipho
uthando nokuthula okunoxolo.
Umbono wakho ungamakha omunye umntu.
M.P
Click here to claim your Sponsored Listing.
Category
Telephone
Website
Address
Ekasi
Pietermaritzburg
MZIMKHULU
